Izimfihlakalo Zezulu #561
561. Kepha nokho yini yona insali? Insali ayikhona kuphela ukulunga namaqiniso umuntu akufunde eZwini leNkosi kusukela ebunganeni bakhe, nokuyizinto esezilotshwe enkumbulweni yakhe, kodwa futhi ixuba zonke izimo eziwumphumela wokulunga namaqiniso, njengezimo sobusulwa kusukela ebunganeni bakhe; izimo zothan-do lokuthanda abazali, abafowabo, odadewabo, othisha nabangane bakhe; izimo zesisa senhliziyo esiqondiswe kumakhelwane wakhe; nezimo zesihawu sokuhawukela abampofu nabantulayo; ngamafuphi, insali ixuba zonke izimo ezimaqondana nokulunga neqiniso. Lezizimo, kanye nolwazi lokulunga namaqiniso okulotshwe enkumbul-weni yomuntu, kubizwa ngensali elondolozwe yiNkosi kumuntu, negcinwe yiNkosi kumuntu ongaphakathi yize umuntu engenalo noluncane ulwazi lwakho. Kumuntu ongaphakathi, insali yahlukaniswe geqe ezintweni zeyena lomuntu eziwububi namanga. INkosi ilondoloza zonke lezizimo kumuntu kangangoba akubibikho nesisodwa isimo esishabalalayo ngemuva kokufa kwakhe, njengoba ngazisiwe lokhu ngesu lesiminya sokuthi zonke izimo zomuntu kusukela ebuntwaneni bakhe kuze kube sekugugeni kwakhe kazisali njekuphela ngemuva kokufa, kodwa futhi ziyabuya. Imbala, lezozimo zibuyela kuye njengoba bezinjalo esesempilweni yemvelo. Akusali futhi kubuyele ukulunga namaqiniso kwenkumbulo njekuphela, kodwa kusala futhi kubuyele kumuntu zonke zonke izimo zobusulwa nesisa senhliziyo ayenazo esaphila emhlabeni wemvelo. Nalapho izimo zobubi namanga zivuka futhi—ngokuba nazozonke izimo zobubi namanga ziyasala futhi zibuyele kumuntu empilweni yakhe kamoya—lezozima zithanjiswa yiNkosi ngesu lezimo zokulunga namaqiniso. Ngakhokonke lokhu, kusobala ukuthi umuntu obengenansali, nakanjani usekubhubheni kwaphakade. (Bheka okushiwo ngenhla kwinombolo 468).