IBhayibheli

 

John 21:21

Funda

       

21 Peter seeing him, said to Jesus, "Lord, what about this man?"

Okususelwe Emisebenzini kaSwedenborg

 

Izimfihlakalo Zezulu #3994

Funda lesi Sigaba

  
Yiya esigabeni / 10837  
  

3994. Ngamazwi “nazozonke ezimnyama ezimvwini” kufanekiswa iyena elimsulwa lokulunga okufanekiswa ngo “Labani”. Lokhu kuchachiswa wukufanekiswa kwento engeyomuntu noma umuntu angumniniyo ngo “kumnyama”, nokusanda kukhulunywa ngakho ngenhla enombolweni 3993. Kuchachiswa futhi wukufanekiswa kobusulwa nge “mvu”, okuzogxilwa kukho ngezansi. Mayelana neyena elimsulwa elifanekiswa nge “mvu emnyama ezimvwini”, kukanje: Ukuze ukulunga kube wukulunga, kumele kumumathe ubusulwa. Isisa senhliziyo esingenabusulwa kasisona isisa senhliziyo, nothando lokuthanda iNkosi olungenabusulwa kalulona uthando lokuthanda iNkosi. Ngalesisizathu ubusulwa buyisici esingenakusala sothando nesisa senhliziyo, nakanjalo buyisici esingenakusala sokulunga. Ubusulwa beyena bungukwazi, ukuvuma, nokukholwa ukuthi akukho lutho oluphuma eyeneni lakhe ngaphandle kobubi, nokuthi konke ukulunga kuvela eNkosini, nokukuvuma lokhu hhayi ngamazwi omlomo kodwa ngenhliziyo. Ngakhoke konke okweyena lomuntu kakulutho olunye ngaphandle kobumnyama; okungukuthi, kakulona iyena lentando yakhe kuphela elingububi kodwa futhi neyena lengqondo yakhe ligcwele amanga. Lapho umuntu ekuvuma futhi ekukholwa enhliziyweni yakhe lokhu, iNkosi igobhoza ingene kuye ngokulunga neqiniso, igudlise kuye iyena lasezulwini elimhlophe nelikhanyayo. Akekho umuntu ongaba nentobeko yempela ngaphandle kwalokho kuvuma nokukholwa enhliziyweni yakhe, ngokuba ngokuvuma leliqiniso usuke ebhuqa noma echitha iyena lakhe elibi, empeleni usuke eseqala ukwenyanya leloyena lakhe, nakanjalo usuke eseqala ukugudluka eyeneni lakhe, nangalokho usuke esengena esimweni esikwazi ukwamukela uBunkulunkulu beNkosi. Kungalelisu ukungena kweNkosi ngokulunga enhliziyweni ethobekileyo nezisolayo.

[2] Linjalo-ke iyena lomuntu elimsulwa, elifanekiswa lapha nge “mvu emnyama ezimvwini” eyakhethwa wuJakobe; nokho nge “mhlophe ezimvwini” kufanekiswa imfanelo noma umholo obhekwe wumuntu ngokwenza ukulunga. [Ukuthi ngo “kumhlophe” kufanekiswa imfanelo noma umklomelo kukhonjiswe ngenhla enombolweni 3993]. UJakobe kayikhethanga imvu emhlophe ngoba iphambene nobusulwa, ngokuba umuntu olindele ukuklonyelwa noma ukuhola ngokwenza ukulunga, uvuma futhi ukholwa ukuthi konke ukulunga kusuka kuye, ekubeni lapho enza ukulunga uzibheke yena esikhundleni sokubheka iNkosi , yingakho efuna ukukhokhelwa ngenxa yemfanelo yokwenza ukulunga. Nangesizathu esifanayo lowomuntu ubukela phansi abanye abantu, imbala ababhaqeke nokubabhaqeka, nakanjalo kangangalelobanga uyahlehla ehlelweni lasezulwini, okungukuthi, uyahlehla ekulungeni naseqinisweni. Ngakho konke lokhu sekuyachacha manje ukuthi isisa senhliziyo nothando lokuthanda iNkosi kakunakubakhona kumuntu ongenabo ubusulwa, nokuthi ngakhoke kakho ongangena ezulwini ngaphandle komuntu omsulwa; namayelana nalokhu iNkosi ithi:

Ngiqinisile ngithi kini: Lowo nalowo ongamukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana kasoze angena kuwo (Markhu 10:15; Luka 18:17);

lapho ngo “mntwana” kufanekiswa khona ubusulwa njengakwezinye izindawo eZwini. [Bheka okuphawulwe ngalesisihloko ngaphambili, okungukuthi, ubuntwana kabubona ubusulwa, kepha ubusulwa buhlala kwinhlakanipho, nalokhu kuphawulwe ezinombolweni 2305, 3494; nokuthi buyini ubusulwa bobungane, nobusulwa benhlakanipho ezinombolweni 2306, 3183; nokuthi iyena eligunywa yiNkosi ngobusulwa nangesisa senhliziyo linjani enombolweni 154; ukuthi wubusulwa obenza ukulunga kube wukulunga ezinombolweni 2526, 2780].

[3] Ukuthi nge “mvu” noma nge “wundlu” kufanekiswa ubusulwa kungabonwa ezindaweni eziningi zeZwi, njengakulempinda elandelayo ewubufakazi balokhu:

Ku-Isaya kuthiwa:

Impisi iyohlala newundlu, ingwe ibuthise ndawonye nezinyane lembuzi. Ithole nebhongo lengonyama kube ndawonye; nomntwana omncane uyokuhola (Isaya 11:6).

Lapha nge “mpisi” kufanekiswa abaphambene nobusulwa, kanti nge “wundlu” kufanekiswa labo abamsulwa. Futhi kuye lomphrofethi kuthiwa:

Impisi iyokudla ndawonye newundlu, ingonyama iyokudla utshani njengenkomo, nothuli liyokuba yisinkwa senyoka; aziyukulimaza, futhi aziyukuchitha kuyoyonke intaba yaMi engcwele (Isaya 65:25).

Njengasenhla, nge “mpisi” kufanekiswa abaphambene nobusulwa, nange “wundlu” kufanekiswa abamsulwa. Nangenxa yokuthi “impisi” iphambene ne “wundlu”, iNkosi yatshela abangamashumi ayisikhombisa eyayibathuma ukuthi:

Bhekani, ngiyanithuma ninjengezimvu phakathi kwezimpisi (Luka 10:3).

KuDuteronomi kaMose kuthiwa:

Ummuncisa uju emifantwini, namafutha eweni lensengetsha namangqanga ezinkomo, nobisi lomhlambi, namafutha amawundlu nezinqama, amadodana kaBhashani (Duteronomi 32:13, 14).

Lapha engqondweni engaphakathi kukhulunywa ngezinto zezulu lamazulu zeSonto laseMandulo, nanga “mafutha amawundlu” kufanekiswa isisa sobusulwa.

[4] Olimini oluhunyushiwe “amawundlu” abizwa ngamagama ahlukene, afanekisa amazinga obusulwa ahlukene; ngoba njengoba kuphawulwe ngenhla, kumele ukulunga kumumathe ubusulwa ukuze kube wukulunga kwempela; ngakhoke kumele neqiniso libemsulwa. Lapha, kuGenesise 30:32, kusetshenziswe igama “amawundlu”, [okuyigama elifanayo negama “izimvu” elisetshenziswe kuLevitekusi 1:10; 3:7; 5:6; 17:3; 22:19; Numeri 18:17]; nangaleligama kufanekiswa ubusulwa benkolo esuka esiseni senhliziyo. Nakwezinye izindawo zeZwi izimvu zibizwa ngamawundlu, njengaku-Isaya, lapho kuthiwa khona:

Thumani iwundlu lombusi wezwe asuke edwaleni lasehlane, aye entabeni yendodakazi yaseSiyoni (Isaya 16:1).

Kusetshenziswa igama “iwundlu” futhi esikhundleni segama “imvu” kulomphrofethi, lapho kuthiwa:

INkosi uJehovih iyeza ngamandla, ingalo yaYo iyokuyibusela. Iyokwalusa umhlambi waYo njengomalusi, ibuthe namawundlu ngengalo yaYo, iwagone esifubeni saYo, ihole kahle izindlezane (Isaya 40:9-11);

lapho ngo “kubutha amawundlu ngengalo nokuwagona esifubeni” kufanekiswa abantu abanesisa senhliziyo esigodle ubusulwa ngamawundlu.

[5] KuJohane kuthiwa:

Ngesikhathi uJesu eziveza kubafundi baKhe, wathi kuPhetro: Simoni, ndodana kaJonah, uyangithanda kunalaba na? Wathi kuYe: Yebo, Nkosi; uyazi Wena ukuthi ngiyakuthanda. UJesu wayesethi kuye: Yondla amawundlu aMi. Waphinda wathi kuye: Simoni, ndodana kaJonah, uyangithanda na? UPhetro wathi kuYe: Yebo Nkosi, uyazi Wena ukuthi ngiyakuthanda. Wathi kuye: Yondla izimvu zaMi (Johane 21:15, 16).

Ngo “Phetro” lapha, njengakwezinye izindawo, kufanekiswa inkolo [bheka isanduleliso seSahluko 18 neseSahluko 22, kanye nenombolo 3750]. Njengoba-ke inkolo kungeyona inkolo yempela uma ingasuki esiseni senhliziyo esiqondiswe kumakhelwane, kanjalo uma ingaphumi othandweni lokuthanda iNkosi; nanjengoba isisa senhliziyo nothando kungekhona okwempela uma kungaphumi ebusulwini, iNkosi iqala ngokubuza uPhetro ukuthi uyayithanda yini, okungukuthi, iqala ngokubuza ukuthi lukhona yini uthando enkolweni ngaphambi kokuba ithi “Yondla amawundlu aMi”, nangamawundlu isho labo abamsulwa. Nangemuva kombuzo ofanayo iNkosi ithi “Yondla izimvu zaMi”, nangezimvu isho labo abanesisa senhliziyo.

[6] Njengoba iNkosi iwuqobo lobusulwa obusembusweni waYo, ekubeni iwumsuka wabobonke ubusulwa, ngakhoke iNkosi ibizwa nge “Wundlu”, njenga -kuJohane, lapho kuthiwa khona:

Ngakusasa uJohane umBhaphathisi wabona uJesu eza kuye, wathi: Bheka, iWundlu likaNkulunkulu elisusa izono zezwe (Johane 1:29, 36).

NakwisAmbulo kuthiwa:

[Amakhosi] anomqondo munye ayokulwa neWundlu, kepha iWundlu liyowanqoba, ngokuba liyiNkosi yamakhosi, noMbusi wababusi, nalabo abanalo babiziwe futhi bakhethiwe (IsAmbulo 17 :14).

Kukhona nezinye izindawo eSambulweni ngaphezu kwelempinda eziphatha iWundlu, njengakulezi ezilandelayo: Izahluko 5:6; 6:1, 6; 7:9, 14, 17; 12:11; 13:8 ; 14:1, 4; 19:7, 9; 21:22, 23, 27; 22:1, 3. Ukuthi engqondweni ephakeme kunazozonke ngewundlu lephasika kufanekiswa iNkosi kwaziwa kahle; ngokuba iPhasika lalifanekisa ukudunyiswa kweNkosi, okungukuthi, lalifanekisa ukugqokwa koBunkulunkulu nguBuntu beNkosi, nasengqondweni efanekisayo noma engaphakathi kwakufanekisa ukuzalwa kabusha komuntu; newundlu lephasika lalingafanekisi lutho olunye ngaphandle kwesici esingenakusala sokuzalwa kabusha komuntu, esingubusulwa; ngokuba kakho ongazalwa kabusha ngaphandle kokuzalwa kabusha ngesu lesisa senhliziyo esinobusulwa engaphakathini laso.

[7] Njengoba-ke ubusulwa buyisici esiphambili embusweni weNkosi, futhi buwuqobo lwengqikithi yezulu lamazulu kuwo, nanjengoba iminikelo nemihlatshelo yayifanekisa izinto zezulu likamoya nezinto zezulu lamazulu ezisembusweni waYo, ngakhoke ingqikithi noma okungenakusala kombuso weNkosi kwakufanekiswa ngamawundlu. Ngalesisizathu kwakwenziwa umhlatshelo wezimvu ongapheli zonke izinsuku, ekuseni nangokuhlwa (bheka ku-Eksodusi 29:37-39; Numeri 28:3, 4), nomhlatshelo ophindwe kabili ngeSabatha (bheka kuNumeri 28:9, 10), nemihlatshelo yezimvu eziningi ngemikhosi ethile (bheka kuLevitekusi 23:12; Numeri 28:11, 14, 19, 27; 29:1ekugcineni). Isizathu sokuba lapho owesifazane owumdlezane, ngemuva kwezinsuku zokuhlanjululwa kwakhe, kudingeke ukuba anikele ngewundlu lomhlatshelo, nangephuphu lejuba noma ihobhe, kwakungesokufanekisa umphumela wothando lomshado wasezulwini. [Ukuthi uthando lomshado wasezulwini lungubusulwa kungabonwa ngenhla enombolweni 2736]; nesinye isizathu sokuba umdlezane unikele ngewundlu nangephuphu lejuba wukuthi ubusulwa bufanekiswa nge “ziyoyo”.

  
Yiya esigabeni / 10837