6073. Ngamazwi “Uyini umsebenzi wenu na?” kufanekiswa ukubuza mayelana nemisebenzi kanye nosizo lwabo. Lokhu kuchachiswa wukufanekiswa kokulunga ngomsebenzi (bheka inombolo 6048), nakanjalo kufanekiswa umsebenzi nosizo, ngokuba lokhu kungukulunga. Konke ukulunga okubizwa ngokulunga kwesisa senhliziyo kakulutho olunye ngaphandle kwemisebenzi, nemisebenzi kayilutho olunye ngaphandle kokusiza umakhelwane, izwe, iSonto, nombuso weNkosi. Okunye, isisa senhliziyo kasibi wuqobo lwesisa senhliziyo ngaphambi kokufezwa ngokwenziwa kube wumsebenzi owusizo. Ngokuba ukuthanda umuntu kodwa ukungenzi ukulunga kuye, yize unamandla okwenza ukulunga kuye, kakukhona ukumthanda; kepha ukwenza ukulunga kuye lapho unamandla okukwenza, nokukwenza ngokusukela enhliziyweni, kungukumthanda; nalapho-ke konke okwesisa senhliziyo kukulesosenzo noma kulowomsebenzi. Ngokuba umsebenzi womuntu uyinkimbinkimbi yazozonke izinto zesisa senhliziyo nenkolo kwakhe, nokuyiwona obizwa ngokulunga kukamoya, futhi nempela uba wukulunga kukamoya ngokufezwa, okungukuthi, ngesu lokwenziwa.
[2] Njengoba-ke izingelosi ezisezulwini zilunge ngokusukela eNkosini, kazishisekeli lutho ngaphandle kokwenza imisebenzi ewusizo. Lokhu kuwuqobo lobumnandi nenjabulo yempilo yazo, futhi kungenxa yemisebenzi yazo ukuthokoza nobumnandi bazo (bheka izinombolo 453, 454, 696, 997, 3645), okuyinto futhi efundiswa yiNkosi kuMathewu, lapho ithi khona:
INdodana yomuntu iyokuza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi zaYo; khona-ke iyakuvuza lowo nalowo ngemisebenzi yakhe (Mathewu 16:27),
lapho nge “misebenzi” kungashiwo imisebenzi njengoba ibonakala engaphandleni layo, kepha kufanekiswa ingaphakathi lemisebenzi, okungukuthi, kufanekiswa isisa senhliziyo esimumethwe yimisebenzi; nezingelosi ziyibuka kanjalo imisebenzi.
[3] Ngenxa yokuthi imisebenzi yomuntu iyinkimbinkimbi yazozonke izinto zesisa senhliziyo nenkolo kwakhe, nakanjalo zokulunga kwakhe, ngakho-ke iNkosi yayithanda uJohane ngaphezulu kwabobonke abafundi baYo, okungumfundi futhi iNkosi eyancika esifubeni sakhe esidlweni (bheka kuJohane 21:20); ngokuba ngoJohane kwakufanekiswa ukulunga noma imisebenzi yesisa senhliziyo (bheka isanduleliso sikaGenesis 18 nesanduleliso sikaGenesis 22), nokuyisizathu futhi sokuba iNkosi ithi kuJohane: “Ngilandele”, ingasho lokhu kuPhetro owayefanekisa inkolo (bheka futhi lezozanduleliso). Nalapho iNkosi isho lokho kuJohane, uPhetro owayefanekisa inkolo, ethukuthela wathi “Nkosi, kepha lona, pho?”, neNkosi yamphendula ngokuthi: “Uma ngithanda ukuba ahlale ngize ngifike, kuyini kuwe na? Wena landela Mina (bheka kuJohane 21-23). Ngalamazwi kwakubikezelwa noma kuphrofethwa ukuthi inkolo iyogcina ibukela phansi imisebenzi yesisa senhliziyo, ekubeni nokho kuyilemisebenzi eseduze kweNkosi , njengoba lokhu kufakazelwa ngamazwi eNkosi ezimvwini nasezimbuzini (bheka kuMathewu 25:34-46), lapho kulandwa khona ngemisebenzi kuphela. Nokuthi inkolo ekugcineni iyochitha iNkosi kusobala ngokufanekiswa kokuphika iNkosi kathathu kukaPhetro; nokuthi wayiphika ebusuku kufanekisa inkathi yeSonto yokugcina, ngenkathi singasekho isisa senhliziyo eSontweni (bheka inombolo 6000); nokuthi uPhetro wayiphika kathathu iNkosi kufanekisa ukuphelela kwesimo sokuchithwa kweNkosi noma sokubukelwa phansi kwesisa senhliziyo eSontweni (bheka izinombolo 1825, 2788, 4495, 5159); nokuthi waphika iNkosi iqhude lingakakhali kufanekisa inkathi engaphambi kokusungulwa kweSonto elisha, ngokuba uvivi nokusa okulandela ubusuku kufanekisa ukuqala kweSonto elisha (bheka izinombolo 2405, 5962).