Okususelwe Emisebenzini kaSwedenborg

 

Izimfihlakalo Zezulu #2016

Funda lesi Sigaba

  
Yiya esigabeni / 10837  
  

2016. Ukuthi iNkosi iwumsuka wakhokonke ukulunga, kanjalo iwumsuka walolonke iqiniso kungukuphimisa iqiniso elingaguqukiyo. Izingelosi zilibona leliqiniso ngengqondo ngokuchache kangangokuba zibona nokuthi kangangebanga into isuka noma isuselwe eNkosini kangangalelobanga ilungile futhi iyiqiniso, nokuthi kangangebanga into isuselwe kuzo kangangalelobanga iwububi futhi ingamanga. Izingelosi zikuvuma lokhu naphambi kwemiphefumulo esanda kufika naphambi kwemimoya ekungabazayo; imbala izingelosi zikufakazela lokhu zize zikusho kugcwale imilomo yazo ukuthi yiNkosi ezivimbele ukugila ububi namanga okusuka kuzo futhi ezigcina ekulungeni naseqinisweni. Ziyakuzwa nokuvinjelwa kwazo ebubini nasemangeni, nokungena kweNkosi nokulunga neqiniso ziyakuzwa; (bheka inombolo 1614). Kepha mayelana nokucabanga komuntu ukuthi lapho enza ukulunga ukwenza ngokusukela kuye nalapho ecabanga iqiniso ulicabanga ngokusukela kuye, lokhu kuyimbonakalo yangaphandle engelona iqiniso futhi edalwa wukuthi isimo sakhe seswele ukuqonda noma ukubona, futhi sixakwe wubumnyama obucinene malungana nomngenela. Ngakhoke okucatshangwa ngumuntu kususelwa kuleyombonakalo engelona iqiniso, imbala kususelwa elutheni, okuyilutha angalokothi avume ukususwa kulo umanje engakholwa lutho ngaphandle kwezinzwa zakhe zomzimba futhi ezindla ngokusukela ezinzweni ukuthi into iyiqiniso noma kayiyona. Kepha yize imbonakalo injalo, nokho umuntu kumele enze ukulunga futhi acabange iqiniso sengathi kusukela kuye, ngokuba kayikho enye indlela angaguqulwa futhi azalwe ngayo kabusha. Ukuthi lokhu kwenziwelani kungabonwa ezinombolweni 1937, 1947.

[2] Isihloko salesisahlukwana esiphezu kwaso yiNgqikithi yoBuntu beNkosi okwakumele ihlanganiswe neNgqikithi yoBunkulunkulu baYo, nokuthi konke ukulunga neqiniso kuyokwethulwa kumuntu kuvela eNgqikithini yoBunkulunkulu ngesu noma ngendlela yeNgqikithi yoBuntu baYo. Lokhu kuyimfihlakalo ekholwa ngabantu abayingcosana ngoba bayingcosana abayiqondayo. Imbala abantu abaningi bacabanga ukuthi uKulunga koBunkulunkulu kungafinyelela kumuntu ngaphandle koBuntu beNkosi obuhlangene noBunkulunkulu baYo. Kodwa sekuke kwathiwa fahlafahla ngesizathu sokuba uKulunga koBunkulunkulu bungakwazi ukufinyelela kumuntu ngaphandle koBuntu beNkosi ezinombolweni 1676, 1990, —esingukuthi, ngenxa yezingqoyi noma izinkanuko zokukhanukela ububi umuntu ayesezicwilise kuzo wayeseqhelelene noNkulunkulu kangangoba wawungasenakubakhona umngenela waKhe ongena engxenyeni yobuqotho yomqondo womuntu, ngaphandle kokungena ngesu noma ngomgudu woBuntu beNkosi eyayisibuhlanganise kuYo noBunkulunkulu baYo. Kwakungesu loBuntu ukuxhumana phakathi komuntu noNkulunkulu, ngokuba ngesu loBuntu baKhe uNkulunkulu wakwazi ukuza kumuntu, njengoba naYo iNkosi ikubeka ngembaba lokhu ezindaweni eziningi, okungukuthi, lapho ithi khona Yona “iyindlela” nokuthi “kakho oza kuYise ngaphandle kwaYo”. Yilokhu okufanekiswayo lapha—ukuthi Yona, okungukuthi, uBuntu obuhlangene noBunkulunkulu kwaYo, kungumsuka wakhokonke ukulunga nalolonke iqiniso.

  
Yiya esigabeni / 10837  
  

IBhayibheli

 

John 1:1

Funda

   

1 In the beginning was the Word, and the Word was with God, and the Word was God.