Okususelwe Emisebenzini kaSwedenborg

 

Izimfihlakalo Zezulu #5773

Funda lesi Sigaba

  
Yiya esigabeni / 10837  
  

5773. Ngamazwi “Ayeseklebhula izingubo zawo” kufanekiswa ukulila noma ukuzila. Lokhu kuchachiswa wukufanekiswa kokuzilela iqiniso elilahlekileyo ngo “klebhula izingubo” (bheka inombolo 4763); nalapho kufanekiswa ukuzilela amaqiniso aphuma eyeneni lawo, ababengasenakuwagabadela ngoba basebezinikele ngokuba yizigqila phambi komuntu owayephezu kwendlu kaJosefa (bheka isahlukwana 9), naphambi kukaJosefa uqobo (bheka isahlukwana 16), okufanekisa ukuthi kabasayukuphinda babenenkululeko engeyabo, nakanjalo ukuthi kabasayukuphinda bacwile emaqinisweni aphuma eyeneni labo. Mayelana nokuzilela amaqiniso eyena labo, okufanekiswa ngo “klebhula izingubo zabo nangokuzinikela ekubeni yizigqila”, kumele kwaziwe ukuthi kubakhona ukuguquka okwenzeka kubantu abazalwa kabusha, okungukuthi, baholelwa ekwenzeni ukulunga ngesu leqiniso, kepha kamuva baholelwa eqinisweni ngesu lokulunga. Lapho kwenzeka lenguquko, noma lapho isimo sabo siphendukezelwa wukuzalwa kabusha, kubakhona ukulila noma ukuzila; ngokuba lapho bezalwa kabusha bangeniswa ekulingweni, esiyisimo esivova nesinqoba iyena labo maqede kugudliswe ukulunga esikhundleni salo, okuwukulunga okwakha intando entsha egodle inkululeko entsha, nakanjalo okwakha iyena labo elisha. Lokhu kufanekiswa ngokubuyela kwabafowabo bakaJosefa bedangele kuJosefa, nokuzinikela kwabo ekubeni yizigqila zakhe, nokugcinwa kwabo isikhathi eside kulesosimo, nokungazidaluli kukaJosefa kuze kudlule ukulingwa; ngokuba ngemuva kokulingwa, iNkosi iyabaduduza.

  
Yiya esigabeni / 10837  
  

IBhayibheli

 

John 20:2

Funda

       

2 Therefore she ran and came to Simon Peter, and to the other disciple whom Jesus loved, and said to them, "They have taken away the Lord out of the tomb, and we don't know where they have laid him!"