Okususelwe Emisebenzini kaSwedenborg

 

Izimfihlakalo Zezulu #7601

Funda lesi Sigaba

  
Yiya esigabeni / 10837  
  

7601. Nge “fulakisi” kufanekiswa iqiniso langaphandle lomuntu ongapha ndle. Lokhu kuchachiswa wukufanekiswa kweqiniso nge “fulakisi”, nokho iqiniso langaphandle noma lezinzwa zomuntu ongaphandle, okuzokhulunywa ngalo ngezansi. Umuntu ongaphandle unengaphandle nengaphakathi (bheka izinombolo 4570, 5118, 5497, 5649), ngakho-ke iqiniso nokulunga okukuye kungokwangaphandle kanye nokwangaphakathi (bheka izinombolo 3293, 3294). Iqiniso nokulunga okukumuntu ongaphandle yikhona okufanekiswa nge “fulakisi nebhali”, kanti iqiniso nokulunga okukumuntu ongaphakathi kufanekiswa ngo “kolweni nangespelithe”.

[2] Lesisahlukwana kanye nesilandelayo sikhuluma ngamaqiniso nangokulunga okwabhujiswa futhi kwachithakala, nangezinhlobo zokulunga neqiniso okungabhujiswanga. Ngakho-ke zikhuluma ngamaqiniso nokulunga okwalondolozwa futhi kwavikelwa ukuze kusetshenziswe ngesikhathi esizayo, nangalokho okungalondolozwanga. Ngokuba lapho ababi bechithakala, okungukuthi, lapho behlukaniswa neqiniso kanye nokulunga kusale kubo kuphela ububi namanga, lawomaqiniso nokulunga okusengaphandleni lomuntu ongaphandle—lapho sekuxhumene khona namanga kanye nobubi kwengaphandle lakhe—yikhona okuchithakalayo. Lamaqiniso nokulunga kubhekise amabombo akho phansi nangalesisizathu lawomaqiniso nokulunga kakunakulondolozwa, njengoba kuzobonakala ezinombolweni 7604, 7607 ngezansi. Kepha amaqiniso nokulunga kwengaphakathi lomuntu ongaphandle kakuchithakali kepha kusiwa endaweni engaphakathi kakhulu, lapho kulondolozwa khona ukuze kusetshenziswe ngesikhathi esizayo. Ngaleyonkathike ukuxhumana phakathi kwengaphandle lomuntu ongaphandle nengaphakathi lakhe kuyanqamuka, futhi kunqamuka kangangokuba kakukho ukulunga noma iqiniso okuphuma engaphakathini lakhe okudlulela engaphandleni lakhe, ngaphandle kohlobo lokuxhumana okukabanzi olubanika amandla okuzindla nokukhanda imigomo yokwesekela ububi namanga. Lokho kulunga namaqiniso okulondoloziwe kufanekiswa eZwini nge “nsali” (bheka izinombolo 468, 530, 560, 561, 576, 661, 798, 1738, 1906, 2284, 5135, 5342, 5344, 5897-5899, 6156, 7556). Yilezizintoke okukhulunywa ngazo kulezizahlukwana ezimbili, okuyizinto ezifanekiswa ngokuthi “ifulekisi nebhali kwashaywa; ngokuba lalikhahlele, nefulakisi laliyigaba”, nangokuthi “ukolweni nespelithe kakushaywanga, ngokuba kwakucashile”

[3] Ukufanekiswa kweqiniso nge “fulekisi” noma nge “lineni” kusuka ezifanekisweni ezisezulwini. Ezulwini imimoya ehlengwa yiqiniso lomuntu ongaphandle babonakala begqoke izevatho ezimhlophe, okuwubumhlophe obufana nobelineni. Uqobo lweqiniso lomuntu ongaphandle lifanekiswa khona ngengubo ephothwe ngemicu yefulekisi. Lemicu ibukeka njengemicu kasilika, nezevatho eziphothwe ngayo zibukeka sengathi ngezikasilika—ziyacwazimula futhi zikhanya ngendlela emangalisayo, futhi zithambile—uma iqiniso elifanekiswa kanjalo lisuka ekulungeni. Kepha engxenye, lapho leyomicu efana nefulekisi ingabukeki icwazimula, ikhanya, noma ithambile, kodwa ibukeka iqinile futhi yephuka kalula, yize nokho isemhlophe, uma iqiniso elifanekiswa kanjalo lingasuki ekulungeni.

[4] Ngakhokonke lokhu sekungabonakala manje ukuthi kufanekiswani ngokuthi izingelosi ezazibonwa ngabantu zazigqoke izingubo zefulakisi noma zelineni, njengakuJohane lapho kuthiwa khona:-

Kwaphuma ethempelini izingelosi eziyisikhombisa ezinezinhlupho eziyisikhombisa, zembethe ingubo yelineni, emhlophe nekhazimulayo, zizibophe ezifubeni ngamabhande egolide (IsAmbulo 15:6).

KuDaniyeli kuthiwa:

Ngaphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka nango umuntu embethe ilineni, ebhince okhalweni igolide elicwengekileyo lase-Ufazi (Daniyeli 10:5).

KuHezekeli kuthiwa:-

Bheka,kwafika amadoda ayisithupha, evela endleleni yasesangweni lasenhla, elingasenyakatho, yileyo naleyo inesikhali sokubulala esandleni sayo. Kepha enye phakathi kwawo yayembethe ilineni, inophondo lukayinki ngasokhalweni lwayo (Hezekeli 9:2).

Kushiwo nokunye futhi ngalengelosi eyayembethe ilineni ezahlukwaneni 3, 4, kulesiSahluko 9 kuHezekeli, naseSahlukweni 10:2-7. Yena futhi lomphrofethi, lapho ekhuluma ngengelosi eyayilinganisa ithempeli elisha, uthi ingelosi yayiphethe intambo yefulakisi nohlanga kokulinganisa esandleni sayo (bheka kuHezekeli 40:3). Futhi izingelosi ezabonwa ethuneni leNkosi zazigqoke “okumhlophe, okukhanyayo, nokunyazima njengombani” (bheka kuMathewu 28:3; Markhu 16:5; Luka 24:4; Johane 20:11,12).

[5] Njengoba “ilineni” noma “ifulekisi” kwakufanekisa iqiniso langaphandle lomuntu ongaphandle, nengaphandle ligqokwa yizinto zangaphakathi, ngakho-ke leloqiniso lalifanekiswa ngezevatho zelineni ezazibonakala zigqokwe yizingelosi. Lifanekiswa futhi ngezevatho zelineni ezazigqokwa ngu-Aroni lapho eyokhonza eNdaweni eNgcwele, okuchazwa kanje kuMose:-

Lapho u-Aroni engena eNdaweni eNgcwele, kumele embathe ibhantshi elingcwele lelineni, abhince ibhande lelineni, afake isigqoko selinene. Lezi ziyizambatho ezingcwele (Levithikuse 16:3,4).

NakuHezekeli kuthiwa:

Kuyokuthi lapho abaphristi bamaLevi, amadodana kaZadoki, bengena emasangweni egceke elingaphakathi, bembathiswe izambatho zelineni, uboya bezimvu bungabathinti, lapho bekhonza emasangweni egceke, nasendlini, bayokuba nezigqoko zelineni emakhanda abo, babenamabhulukwe elineni okhalweni lwabo (Hezekeli 44:17, 18), lapho kukhulunywa khona ngethempeli elisha nangeJerusalema elisha, okuyizinto ezifanekisa umbuso weNkosi. Ngesizathu esifanayo abaphristi babembatha ingubo yamahlombe yelineni (bheka ku 1 Samuweli 22:18); nalapho umfana uSamuweli ekhonza iNkosi wayegqoka ingubo yamahlombe (bheka ku 1 Samuweli 2:18; nalapho kulethwa umphongolo emzini wakhe uDavidi wayebhince ingubo yamahlombe yelineni (bheka ku 2 Samuweli 6:14).

[6] Ngakhokonke lokhu sekungabonakala manje iNkosi yayibhinceleni ngethawula lelineni ngesikhathi igeza izinyawo zabafundi baYo, yabesula izinyawo zabo ngalo lelothawula lelineni eyayilibhincile (bheka kuJohane 13:4,5). Ukugeza izinyawo kwakuwuphawu lokuhlanjululwa ezonweni, okufezwa ngesu lamaqiniso enkolo, lokhu amaqiniso enkolo afundisa umuntu ukuthi kumele aphile kanjani.

[7] Nge “lineni” kufanekiswa futhi iqiniso kulezizindawo: kuJeremiya kuthiwa:-

UJehovah usho kanje kumphrofethi, uthi: Hamba, uzithengele ibhande lelineni, ulibeke ezinkalweni zakho; kepha ungalingenisi emanzini. Thatha ibhande olithengile, uvuke uhambe, uye e-Ewufrathe, ulifihle emfantwini wesiwa. Ngasekugcineni kwezin suku eziningi, lapho eselilanda ibhande lapho elifihle kho na, bheka, ibhande lalonakele, lalingasenamsebenzi. (Jeremiya 13:1-7), lapho nge “bhande lelineni elibekwe ezinkalweni” kufanekiswa khona iqiniso eliphuma ekulungeni, elinjengoba linjalo ekuqaleni ngesikhathi lisungulwa yiNkosi, nanjengoba linjalo kamuva ngasekupheleni noma ngasekubhubheni kwalo lapho selonakele futhi lingasenamsebenzi. Ku-Isaya kuthiwa:

Bayojabha abasebenza ngefulakisi eliklayiweyo kanye nabaluki belineni (Isaya 19:9), Lapho kukhulunywa khona ngeGibhithe. Ngo “kweluka ilineni” kufanekiswa ukubhumbuluza (counterfeiting) amaqiniso.

[8] KuMose kuthiwa:

Awuyukulima ngenkabi eboshelwe kanye nembongolo. Awuyukugqoka ingubo eyizinhlobonhlobo zezintanjana, uboya bezimvu buhlanganiswe nelineni (Dutheronomi 22:10,11), lapho nge “nkabi” kufanekiswa khona ukulunga komuntu ongaphandle, nange“mbongolo” kufanekiswa khona iqiniso lomuntu ongaphandle; kucishe kufanekiswe okufanayo futhi ngo “boya bezimvu nelineni”. Ukwenqatshelwa kwabo ukulima ngenkabi eboshelwe nembongolo, noma ukugqoka ingubo eyenziwe ngoboya bemvu obuxubene nelineni, kwakufanekisa ukuthi kakuvumelekile ukuba babesezimweni ezimbili kanyekanye, okungukuthi, ukuba sesimweni sokulunga esivuna iqiniso nasesimweni seqiniso esivuna ukulunga. Lemigoqo yokwenqatshelwa imumethe okufanayo nokwamenyezelwa yiNkosi kuMathewu, lapho ithi khona:

Ophezu kwendlu angehli ukuyothatha okusendlini yakhe, osensimini angabuyeli emuva ukuyothatha ingubo yakhe (Mathewu 24:17,18).

Mayelana nalemigoqo yokwenqatshelwa, bheka inombolo 3652[ekugcineni]. Ngokuba labo abasesimweni sokulunga esivuna iqiniso basengxenyeni engaphakathi yezulu, kanti abasesimweni seqiniso esivuna ukulunga basengxenyeni engaphandle yezulu. Laba abasengxenyeni engaphandle bawuhlobo olubheke ezulwini lusemhlabeni wemvelo, kanti abasengxenyeni engaphakathi bawuhlobo olubheka emhlabeni wemvelo lusezulwini, ngalesisizathu bayizinhlobo ezimbili ezinokuphambana, ngakho-ke uma lezizinhlobo zindawonye olunye uhlobo lungabhubhisa olunye.

  
Yiya esigabeni / 10837  
  

IBhayibheli

 

Exodus 9:4

Funda

       

4 Yahweh will make a distinction between the livestock of Israel and the livestock of Egypt; and nothing shall die of all that belongs to the children of Israel."'"