Izimfihlakalo Zezulu #312

Po Emanuel Swedenborg

Proučite ovaj odlomak

  
/ 10837  
  

312. Kulesisahlukwana esiphezu kwaso siphethe incazelo ephelele yesimo sabantu ababhubha ngoZamcolo, ngokuthi:

(i) “baxoshwa”, okungukuthi, bahlukaniswa nokulunga kwezulu lamazulu;

(ii) “amakherubi abekwa ngasempumalanga kusuka ensimini yaseYideni”. Lomusho “ngasempumalanga yensimu yaseYideni” umaqondana nalabobantu bodwa, futhi awunakushiwo maqondana nabantu ababephila ngemuva kukaZamcolo, ngokuba ngalaba bekuzoshiwo okuphambene, okuwukuthi, “abekwa ngasensimini yaseYideni kusuka empumalanga”.

(iii) Ngokufanayo, ukuba kulesisahlukwana “ilangabi lenkemba eziphenduphendukelayo” ubumaqondana nabantu banamuhla, bekuyothiwa “inkemba yelangabi”, futhi bekuyothiwa “umuthi wokuphila” esikhundleni sokuthi “umuthi wezimpilo”. Kukhona nokunye okukhangayo ochungechungeni lwalemisho, okungenakuchazwa, ekubei kuqondwa yizingelosi kuphela, nazo ezembulelwa khona yiNkosi; ngokuba yileso nalesosimo simumethe izimfihlakalo eziningi ngokungenakubalwa, kepha akukho neyodwa eyaziwa ngabantu basemhlabeni wemvelo.

  
/ 10837