Izimfihlakalo Zezulu #313

Po Emanuel Swedenborg

Proučite ovaj odlomak

  
/ 10837  
  

313. Ngokusukela kosekushiwo lapha ngomuntu wokuqala, kuyachacha ukuthi akawona umsuka wofuzo lwabobonke ububi obugcwele kubobonke abantu abasemhlabeni namuhla, njengoba kucatshangwa. Benza iphutha labo abacabanga ukuthi alukho olunye ufuzo lobubi olukhona namuhla ngaphandle kwalolo olusuka kumuntu wokuqala. Ngokuba yiSonto laseMandulondulo okukhulunywa ngalo nelibizwa ngo “muntu”; lapho libizwa ngo “Adam”, kusuke kufanekiswa ukuthi umuntu wakhishwa emhlabathini, noma ukuthi leloSonto laba wu “muntu” ekubeni kade lingemuntu, ngesu lokuzalwa kabusha yiNkosi. Lokhu kuwumsuka nomfanekiso webizo “umuntu”. Malungana nobubi bofuzo, isiminya yilesi: Wonke umuntu owenza isono uzuza isimilo esithile esiwumphumela, nobubi balesosono butshaleka ezinganeni zakhe maqede bube wufuzo lwazo. Ngalendlela, lolofuzo lwewuka luphuma kubazali, kuyise, kumkhulu, kukhokho, nakubaba kakhokho ngokulandelana, kanjalo lwande, lukhule futhi lugxile noma lube yisimbembembe kuleso nalesosizukulwane. Lolofuzo lubuye futhi lwandiswe wukugilwa kwezono zigilwa yizizukulwane ngokwazo. Ububi bofuzo kabuhlakazeki ukuze bungalimazi, ngaphandle kulabobantu abasuke bezalwa kabusha yiNkosi. Umuntu onakisisayo angabubona ubufakazi baleliqiniso ngesiminya sokuthi izimpokophelo ezimbi zabazali zibonakala ngokuchachile ezinganeni zabo, kangangoba umndeni, imbala sonke isizwe singahlukaniswa kwesinye ngazo.

  
/ 10837