Izimfihlakalo Zezulu # 3861

Por Emanuel Swedenborg

Estudar Esta Passagem

  
/ 10837  
  

3861. Ngamazwi “waqamba igama layo ngokuthi uRubheni” kufanekiswa isici esingenakusala salokho kumitha nokuzala kukamoya, okuyisici esichaziweyo. Lokhu kuchachiswa wukufanekiswa kwesici noma kwesimilo esingenakusala nge “gama” nango “qamba igama” (bheka izinombolo 144, 145, 1754, 1896, 2009, 2724, 3006, 3321). Uqobo lwesici noma lobunjani luchazwe ngamazwi “uJehovah ubonile ukuhlupheka kwami, ngokuba manje indoda yami iyokungithanda”, okungamazwi achazwa ngegama “Rhubeni”. Sekukhonjiswe kaningi ukuthi onke amagama aseZwini afanekisa izinto zempela zikamoya noma ezenzeka ngempela (bheka izinombolo 1224, 1264, 1876, 1888); nabantu basemandulo lapho beqamba igama elithile, kubo lelogama lalifanekisa isimo esithile (bheka izinombolo 340, 1946, 2643, 3422). Ukuthi lapha amagama awowonke amadodana kaJakobe afanekisa isimilo kabanzi noma izici kabanzi zeSonto kuzokhonjiswa. Futhi yileso nalesosici kabanzi siqondene negama lendodana, kepha kakho ongaba nolwazi lokuthi lesosici siyini, ngaphandle komuntu owazi ingqondo engaphakathi egodlwe emagameni okususelwe kuyo amagama amadodana; okungukuthi, ngaphandle komuntu owazi ukuthi izwi “ubonile” okususelwe kulo igama Rubheni limumethe ngqondoni engaphakathi, nowazi ukuthi izwi “uzwile” okususelwe kulo igama Simeyoni limumetheni, nowazi ukuthi izwi “uyonamathela” okususelwe kulo igama Levi limumetheni, nowazi ukuthi izwi “uyovuma [iqinio]” okususelwe kulo igama Judah limumetheni, kanjalo nangamanye amagama amadodana.

  
/ 10837